Nhloko Yomnyango: woHulumeni Basekhaya Nezindaba Zomdabu, Nkk.
Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu ukuba ngibe kanye nomphakathi waseNdaka kulo mcimbi obaluleke kangaka wokuthulwa ngokusemthethweni kohlelo lokubuyisela isithunzi kubantu bakule ndawo. Kunikeza ugqozi ukuba yingxenye kahulumeni ozifezayo izibophezelo zawo kanye nezinqubomgomo zawo, okufaka phakathi nendlela ehlelekile esiyilandelayo ekubambisaneni nabantu bakithi ekulweni nobubha.
Mphathi Wohlelo, lolu suku lwanamuhla luyothathwa yizizukulwane zamanje nezangomuso njengosuku olukhombisa ukuthathwa kwelinye igxathu ekwenzeni ngcono izimpilo zomphakathi waseNdaka.
Njengezwe nesifundazwe sisuka emlandweni lapho khona iningi labantu bakithi bebengazitholi izidingo zabo ngenxa yebala lesikhumba sabo.
besebenzisa uhlelo lwezindlu zangasese lwamabhakede , okungazange nje kubaphuce isithunzi kodwa futhi okwaba nobungozi ezimpilweni zabo.
Sikhuluma nje kusenokusilela emuva okukhulu ekuhlinzekweni kwabantu bakithi ngezindlu zangasese ezinenhlazeko, futhi lokhu kugqama kakhulu ezindaweni ezifana nalena yaseNdaka lapho khona iningi labantu elalithathwa uhulumeni wobandlululo njengezitha -lihlala khona. Okwakukubi ngobandlululo ukuthi lwadala ukungalingani emphakathini, hhayi nje ngokobuhlanga kodwa nangasekuhlinzekweni ngezindingo ngqangi zempilo.
Uzothola ukuthi umakhelwane ongale komgwaqo wayenamanzi, enethoyilethe elishaywayo futhi enogesi, bese kuthi omunye umakhelwane aphile ngaphansi kwezimo ezehlisa isithunzi nezingenayo inhlanzeko. Ngokusobala lokhu kusatshalaliswa kwezidingo (kwezinsizasidingo) ngendlela engenakho ukulingana kwakwenziwa ngamabomu emzameni kahulumeni wobandlululo wokwehlisa abantu bakithi isithunzi.
Ngesikhathi singena esikhathini senqubo yentando yeningi sazibophezela njengohulumeni wabantu ukuba sisilungise lesi simo. Umsebenzi wethu obalulekile owokuqinisekisa ukuthi izigidi zalabo ababengalethelwa izidingo phambilini bayazithola futhi bayahlomula.
Sathatha izinqumo eziningi kule ngqungquthela. Kodwa-ke sonke savumelana ngokuthi indlela yokusebenza okumele siyilandele kohulumeni basekhaya kumele kube ngeyokuzibambela mathupha. Lokhu kwabe sekuba yingqikithi yengqungquthela yethu.
Sabuye savumelana futhi ukuthi lezi zinqumo zizolandelwa. Ngamanye amazwi savumelana ngokuthi singabi nezimbizo nezingqungquthela zokukhuluma kwenziwe nemibiko nje kuphela. Savumelana ngokuthi sizolandela indlela yokuzibambela ekwenzeni umsebenzi wethu wokuletha izidingo njengohulumeni wasekhaya.
Sihlangene lapha namuhla ukuzoqalisa olunye lwalezo zinhlelo, olukhuthaza ukuzibambela ngqo.
Ngesikhathi sidingida indlela ebheke phambili ngokuqondene nomasipala abadonsa kanzima ngokubona kwengqungquthela, uhulumeni kazwelonke wayebheka izindlela zokungenelela ezingalandelwa esikhathini esifushane ekusizeni omasipala. Yilapho-ke kwaqhamuka uhlelo lukazibambel. (Project Consolidate).
Uhlelo lukazibambele luwuhlelo olubheka izinselelo omasipala ababhekene nazo ezweni lonke. Ngikhuluma nje bangu-136 omasipala abakhonjiwe kuzwelonke ukuba babambe iqhaza kulolu hlelo.
Afrika kwisidingo esiphuthumayo sokuthola izindlela ezintsha zokuqinisekisa umphumela obonakalayo ezinhlelweni zohulumeni basekhaya kanye nokuqinisa ukudidiyelwa kwezinhlelo zikazwelonke, ezesifundazwe nezohulumeni basekhaya ezindaweni ezisemqoka zokulethwa kwezidingo (nesibambisene nabo) Ngamafuphi, uhlelo lukazibambele luqondene nokwakha ubambiswano oluzoholela ekwenziweni ngcono kwezinga lempilo kubantu emazingeni ezindawo..
Umasipala wendawo waseNdaka ungomunye womasipala abakhnjwe ukuba babambe iqhaza ngaphansi kwalolu hlelo olubalulekile lokuqinisa ingqalasizinda yomasipala bethu. Njengohulumeni sanquma ukuthi sidinga ukubambisana nomasipala ngokubahlinzeka ngosizo olwengeziwe ukuze sizokwazi ukusheshisa ekususeni izingqinamba ekulethweni kwezidingo.
Iqiniso esesilibonile elokuthi ukuntuleka kolwazi namakhono obuchwephese kungezinye zezizathu zokuhamba ngonyawo lonwabu kokulethwa kwezidingo komasipala bethu.
Omasipala abafana neNdaka bangomasipala abasha ababhekene nezinselelo ezinkulu ekunciphiseni igebe ekulethweni kwezidingo eladalwa wubandlululo emiphakathini.
Nakuba bezama ukuqeda umonakalo owadalwa wubandlululo, babhekana nenkinga ekusebenzeni ngokugcwele.
wukushoda kwamakhono adingekile kwabanye omasipala. Uhulumeni usethuthukise uhlelo oluzokhulisa futhi lwenze ngcono ukusebenza komasipala lubuye futhi lusize ekudluliseleni amakhono anqala ekuhlomuliseni abantu.
Nakuba osekudlulile kuyingxenye yomlando wethu, akumele silokhu njalo sigxeka umlando ngazo zonke izinkinga esibhekene nazo. Iqiniso ukuthi ukuqhubeka kokuba khona kohlelo lwamabhakede eNdaka nakwezinye izindawo kulesi sifunda kuwumphumela wokungabi khona kwengqalasizinda yobuchwepheshe. Nakuba uhulumeni ehlinzeke ngezimali ngaphansi kohlelo loxhasomali komasipala abasesifundazweni ukuze kusatshalaliswe izidingongqangi, abanye omasipala bazithola besesimeni lapho khona bangenalo ulwazi lopbuchwepheshe olufanele lokwenza lomsebenzi.
Asikwazi ukuqhubeka ukuvika ngalokhu, kumele sidale amathuba okukhuliswa kwamakhono adingekile ukuletha izidingo ngokushesha emiphakathini yakithi. Lezi kusengenzinye zezinselelo esibhekene nazo ekubhekeni ukusimama esikhathini eside komasipala bethu.
Esikwenza namuhla lapha eNdaka kuwungenelela ngqo ekuqedeni wonke amathoyilethe asebenzisa amabhakede ngokusebenzisa amathuba adalwa ngohlelo lokuzibambele. La mathuba afaka phakathi ukuhlinzekelwa kwengqalasizinda eyengeziwe komasipala esikhathini esifushane. Loluhlelo lulethe ukusebenzisana okuqinile phakathi kukamasipala wendawo, umasipala wesifunda kanye nohulumeni wesifundazwe nokwenze ukuba uxhasomali lukwazi ukukhishwa esikhathini esifushane.
Konke lokhu kungamasu amasha okumele siwalandele futhi siwafunde sibuye siqinisekise ukuthi ayalandelwa ekulethweni kwezidingo. Esikufundile ngalolu hlelo lwaseNdaka kusinikeze isu lokusheshisa ukubhekana nokulethwa kwezidingo emiphakathini yethu. Ngamanye amagama, ngilindele ukubona zonke izindlu zangasese zamabhaked ziphuma emphakathini kulandela esikufunde lapha eNdaka. Esikwenzile kulula kabi. Okokuqala nje, senze kwaba khona ukuxoxisana phakathi komasipala bezindawo kanye nabezifunda.
ibheke uhlelo lokulethwa kwamathoyilethe asebenzisa amanzi kumphakathi walapha.
Sonke siyazi ukuthi uhlelo lwamathoyilethe asebenzisa amabhakede aluhambisani nenhlanzeko yezempilo kanye nokuphepha kwabantu bakithi. Ayikho incazelo ezwakalayo enganikezwa lo mphakathi ngokuthi kungani ungawatholi amanzi kanye namathoyilethe asebenzisa amanzi esimanjemanje. Lo mphakathi uyazi kunomakhelwane abaqhelelene abalapha eduzane nje ngamamitha angama-200 abakwaziyo ukuthola amanzi nezinsiza zokuthutha indle.
Uma ubuka ingozi ubungozi obulethwa wuhlelo lwamathoyilethe asebenza ngamabhakede ezimpilweni zabantu, uzobona ukuthi isibalo sabantu ababulawa ngendluzula nguhulumeni wobandlululo sincane uma usiqhathanisa nesibalo sabantu ababulawa yizifo ezifana nohudo kanye nezinye. Lezi yizifo ezingaxhunyaniswa ngqo nokungabi khona kwamanzi kanye namathoyilethe. Imiphakathi esihlupheke kakhulu yileyo yabantu abamnyama njengalapha eNdaka.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi abesifazane kanye nezingane yibona abathwala kanzima kakhulu ngenxa yalesi simo. Njengoba sigubha inyanga eqondene nomama, sibheka ukuzinikela kwabesimame ababephambili emzabalazweni. Kuyinjabulo ukuba size nezindaba ezimnandi zokuthi abesifazane nezingane, okuyibona abebesengozini yokungenwa yizifo nokuthunazeka isithunzi ngenxa yamathoyilethe asebenzisa amabhakede, okuyibona ababelahlekelwa abathandiweyo babo, okuyibona osekuyiminyaka bengumtshingo ubethwa ngubani uma kuziwa ngasekulethweni kwezidingo ezifana namanzi namathoyilethe ashaywayo, namuhla bazobuyelwa yisithunzi ngokuhlinzekwa ngamathoyilethe afanele abanikeza leso sithunzi njengabantu.
Ngolwazi engilutholile, isimo bese sisibi ngale ndlela yokuthi iningi lemindeni bese lizichithela yona amabhakede. Lokhu kusho ukuthi bebemba imigodi noma kuphi lapho bethola khona indawo. Lena yinto eyingozi empilweni yomphakathi kanye nakwimvelo isiyonke.
Sonke kumele simushayele ihlombe uhulumeni ngokubeka phambili izidingo zabantu bakithi kanye nangesifiso sokubabona bephila impilo engcono. Ngalolu hlelo esilwethula namuhla ngokusemthethweni, olwaziwa ngele-Project Consolidate, uhulumeni usenikeze umasipala ithuba lokuzisungulela izinto. Lokhu futhi sekwenze ukuba imiphakathi ethwele kanzima ikwazi ukufinyelela kwizinsizasidingo ngokushesha. Ngalo mzamo sikwazile ukusheshisa ukuqalisa loluhlelo.
Sikwazile ukusuka ekwakheni uhlelo, siye ekudluliseleni izimali kanye nasesigabeni sokuqaliswa kohlelo esikhathini esiyizinyanga ezimbili. Silindele ukuthi ekupheleni kukaSephtemba, sibe sesakhe amathoyilethe angama-252 ashaywayo kuwona wonke amakhaya analenkinga yalamathoyilethe.
Ngalolu hlelo kuzokwazi ukuthi kulawuleke izifo ezifana nekholera kubuye futhi kwenziwe ngcono ezempilo kanye nenhlalakahle yomphakathi othintekayo. Abantu bakithi lapha eNdaka bafanele ukuthola amathoyilethe angcono njengalabo abasemadolobheni. Lo hulumeni uzoqinisekisa ukuthi kunokulingana ekuhlinzekweni kwezidingo kungabhekwa ibala lesikhumba. Akekho umuntu okumele athole izidingo ezingekho ezingeni ngenxa yendawo akuyo. Njengohulumeni kumele singakuvumeli ukuphathwa ngendlela engalingani kwezakhamuzi zethu.
Esikwenzayo namuhla ukubuyisa isithunzi nokuletha impilo engcono ebantwini bakithi njengoba kuqinisekiswe umthethosisekilo wethu. Sengilubonile uhlelo lokusebenza.
Lokhu kusho ukuthi indlu ngayinye izothola ithoyilethe elishaywayo kanye nendawo yokugezela enezinsiza ezifanele. Nginxenxa wonke umuntu ukuba afunde kulolu hlelo lukazibambele ukuthi singaba abasunguli bamasu ekulethweni kwezidingo. Ngikhuthaza bonke ababambe iqhaza ukuba basebenzisane ekuqinisekisweni ukuthi ukulethwa kwezidingo kuyasheshiswa. Esikufundile lapha ukuthi imithetho, izinqubomgomo kanye nezinqubo kukhonela ukusinikeza uholo ekuletheni izidingo, hhayi ukusinqinda ekuletheni izidingo. Sifundile ukuthi sidinga ukuba sisuse izingqinamba eziqondene nengqalasizinda. Sinenhlanganisela yezingqinamba, ezicatshangwayo kanye nalezo zangempela. Sinezingqinamba esizidalela zona ngokwethu.
Kwezinye izindawo sithola ukuthi imikhandlu kamasipala isiqala ukusebenza ngokuchema ngokwezombusazwe. Lokhu kucaca kakhulu lapho khona umkhandlu wesifunda ungoweqembu lezombusazwe elehlukile kulelo lomasipala wendawo.
Umasipala wesifunda udlala indima yesiphathimandal sezamanzi kanti ngaleso sizathu udweba uhlelo lokusebenza lokwabiwa kwezimali ze-MIG ngokuqondene nemiklamo yesifunda sonke bese ushiya ngaphandle ngamabomu umasipala wendawo ngenxa nje yokuthi ungena ngaphansi kweqembu lezombusazwe elehlukile kwelinye iqembu lezombusazwe.
NjengoNgqongqoshe woHulumeni Basekhaya, Ezezindlu Nezindaba Zomdabu, kumele ngikusho ukuthi singacasula isimo lapho khona ezombusazwe zisetshenziselwa ukunquma (ekunqumeni) ukuthi ibaphi omasipala ababekwa phambili kanabanye ngokasipala bezifunda. Lesi yisimo engingeke ngasibekezelela. Uma abantu bedinga usizo (ukulethelwa izidingo) ababuzi ukuthi iyiphi inhlangano yezombusazwe ebalethele lezo zodingo.
Ngibashayela ihlombe labo masipala abakubeke eceleni ukuchema ngokombusazwe ekwenzeni imisebenzi yabo. Kuyacaca ngalolu hlelo ukuthi singakwazi ukusheshisa ukulethwa kwezidingo futhi silethe impilo engcono emiphakathini yethu uma sisebenzisana njengezinhlaka zikahulumeni.
Umthetho omusha owaziwa ngele-Inter-governmental Relations Act, usinikeza incazelo noholo lokuthi singasebenzisana kanjani. Nginxenxa wonke umuntu okhona lapha namuhla ukuba awasebenzise amathuba anje ngalawa. Imiphakathi ifuna I-proper sanitation. Ayikugqizi qakala ukuthi iliphi iqembu lezombusazwe eliphethe. Uma ingayiboni intuthuko (ubungcono) ezimpilweni zayo izibona injengabantu abashaywe indiva nguhulumeni. Ngiyazi ukuthi uhlelo lokusetshenziswa kwamathoyilethe amabhakede lusekhona eZakheni, okuyindawo engaqhelile kakhulu ukusuka lapha.
Izakheni ayingeni ngaphansi kohlelo lwe-Project Consolidate. Kodwa-ke ngiyethemba ukuthi I-PMU izolandela izindlela namasu afanayo okubonakala kusebenza ekubhekaneni nale nkinga naseZakheni.
Namuhla ngokusho ngaphandle kokunanaza ukuthi ukuzibophezela okwenziwe uhulumeni wethu ekuletheni impilo engcono kuzo zonke izakhamuzi sekuyafezeka.
